Ukhozi FM TV: Mbuso Khoza

Описание к видео Ukhozi FM TV: Mbuso Khoza

Ukhozi FM TV lubenengxoxo eyingqayizivele nomculi owenza uhlobo lomculo okuthiwa AmaHubo uMnu Mbuso Khoza. UMbuso Khoza ujwayele ukukhuluma ohlelweni #Jabulujule njalo ngoLwesihlanu ngaphansi kwengosi eyaziwa ngokuthi #IjaduLeAfrika. UNeliswa Cele uthole ithuba lokuba nengxoxo noMnu Mbuso Khoza.

Kulengxoxo uMnu Mbuso usilandisa kabanzi ngohlobo lomculo alwenzayo kanye nokwenza kwakhe umculo enzela umabonakude. Kusiqephu usichazela kabanzi ukuthi kuhluke kanjani ukwenza umculo uwenzela umabonakude nomculo ojwayelekile.

UMnu Mbuso Khoza uphinde wasithi fahla kancane ngohambo lwakhe lokuyo nandisa phesheya ngohlobo lomculo awenzayo, okuwumculo wesintu (AmaHubo).

Thokozela emnandi inkulumo le noMnuMbuso Khoza ophinde asiculele nethimba lakhe iJadu le Afrika.

Комментарии

Информация по комментариям в разработке