Isiphakamiso sokuboshwa kukaZuma

Описание к видео Isiphakamiso sokuboshwa kukaZuma

Ikhomishana ephenya izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso imemezele ukuthi izofaka isicelo enkantolo yomthethosisekelo ukuthola incwadi ethi uZuma unecala lokudelela inkantolo. Lokhu kulandela ukungezi kwakhe kulekhomishana njengoba bekuhleliwe namhlanje. Inkantolo yomthethosisekelo yanquma ukuthi uZuma kufanele avele ngaphambi kwekhomishana ukuyokwethula ubufakazi. Ngesikhathi ikhomishana ilinde ukuthi avele, uZuma wazise isigcawu ngabameli bakhe ukuthi inkantolo isazokhipha isinqumo sokuthi uZondo ahoxe ingakho engezanga kuyo.

Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba #StateCaptureInquiry kuSocial Media.

Комментарии

Информация по комментариям в разработке