Sixoxa netshitshi elineminyaka ewu-40!

Описание к видео Sixoxa netshitshi elineminyaka ewu-40!

Ukhozi FM TV noNeliswa Cele othole ithuba lokuxoxa netshitshi lika-40 years uMathembi Sithole. UMathembi oneminyaka engamashumi amane (40) osayintombi nto, usilandisa ngohambo lwakhe njengomuntu osezigcine waze wafika kuleminyaka.

UMathembi usilandisa ngokukhula kwakhe, ekhulela emakhaya lapho afundiswa khona usiko lokuziphatha kahle ehlale njengentombi. Kule-video usilandisa ngempilo yakhe.

Usifundisa ngokuhamba Umkhosi womhlanga, uphinde esihubele amahubo ahutshwa emhlangeni. Sifunda lukhulu kuMathembi ngosiko lwezintombi zakwaZulu. UMathembi uyintombi ezigqajayo ngokuziphatha kahle kwayo.
Uthi uqale ukuhamba Umkhosi Womhlanga eseneminyaka engu-30 njengoba manje eseneminyaka engu-40 futhi uzimisele ngokuqhubeka nawo. Ukholelwa ukuthi uma uyintombi, awubi intombi ngokuhlolwa kuphela kodwa nangendlela oziphethe ngayo nophila ngayo kumele ikhombise ukuthi uyintombi.

UMathembi uthi uzigcinele umuntu ozohamba eyokhokha zonke izimfanelo kubo, uma engadalelwe umshado uzohlala ezigcinile kuze kuba uyahamba emhlabeni.

Thokozela lenkulumo ngokubukela lesiqephu.

#UkhoziFMTV #UkhoziFM63 #UkhoziFM #Ubuntombi #UmkhosiWomhlanga

Комментарии

Информация по комментариям в разработке