Sithole ithuba lokuba nengxoxo no Sphelele uMthakashana Mathonsi

Описание к видео Sithole ithuba lokuba nengxoxo no Sphelele uMthakashana Mathonsi

Sithole ithuba lokuba nengxoxo no Sphelele uMthakashana Mathonsi, uzicubu zasala eKing Edward, onesiphiwo sokushaya ingoma ophinde aphile nokukhubazeka.

Uthi wazalwa engenalutho kodwa kwahamba kwahamba wavuvukalelwa unyawo. Kuthe eseneminyaka eyisithupha wagcina esewususa umlenze wakhe.

Ubonga ukuthi walimala esayingane ngoba kwaba yinto akakhula nayo futhi akubanga nzima kakhulu ukuthi amukele.

Usixoxela ngezingqinamba akabhekana nazo njengoba ephila nokukhubazeka. Uthi akumele uzibone uhlukile kwabanye abantu kodwa njalo hlala uzibona ufana nabo.

Sithola nokuthi ukuthi uphila nokukhubazeka akukuvimbi ukuthi ufunde, usebenze futhi ufeze amaphupho akho.

Thokozela ingoma oyilethelwa uMthakashana kanye neqembu lakhe ngokubukela le-video.

#UkhoziFM #UkhoziFMTV

Комментарии

Информация по комментариям в разработке